Imfundo</head>4.7 IMFUNDO 
 
I-IBA iphakamisa ukuthi : 
  umsakazo kawonkewonke kazwelonke ufanele ukuba usakaze izinhlelo ezifundisayo 
  nsukuzonke ukubhekana nezidingo zemfundo yezomphakathi,lezi zinhlelo zibhekise 
  ezinganeni ezincane, kwabasha kanye nabadala. 
  iPBS kazwelonke kufanele ekuhambeni konyaka ikhombise izinhlelo ezithintene 
  nemisebenzi yohlelo lwezefundo lwamaqembu ehlukene okufundisa nokuqeqesha. 
  Ngokwenza njalo iPBS kazwelonke kufanele iqinisekise ukuthi izinhlelo zayo 
  ezifundisayo zihamba ukhalo olubanzi lwezifundo kanye nemikhakha. 
  iPBS kazwelonke kufanele ekuhambeni konyaka ikhombise izinhlelo ezixhasa 
  ukuthuthukiswa kwamandla esintu okungathintene nohlelo lwezifundo kanye 
  nezidingo zemfundo ohleni olubanzi ezinhlangothini zokuhlalisana kwabantu 
  nezomnotho wezwe. 
  iziphakamiso zeqembu elinikezwe umsebenzi (Task Team) ekusakazeni 
  okuphathelene nemfundo zemukelwe futhi uhlangothi lwemfundo lunikezwe ithuba 
  elenele ukuhlola isidingo, ukuthandeka nokusebenza kweziteshi noma imigudu 
  (amashaneli) efundisayo ezimisele. Odabeni lomsakazo, i- IBA izokwenza ukuba 
  kube khona amafrikhwensi alomsebenzi. Odabeni lwethelevishini i-IBA 
  izobhekisisa konke okungenziwa ngesayensi lemisebenzi ethile okungavumela 
  umgudu (ishaneli) wemfundo. 
  ukuhlanganyela okuhleliwe kufanele kwakhiwe phakathi kwabasakazi kanye 
  nabanezabelo emfundweni futhi kuqalwe ngokushesha uhlelo lokuhlanganisa 
  ukuhlela nokusakaza okuphathelene nezemfundo, ukuhlonyiswa kwezikole nezindawo 
  zomphakathi kanye nokuthuthukiswa kwezinhlelo eziqhutshwayo zokuxhasa labo 
  abasebenzisa lezi zinhlelo. 
  ukusakaza okufundisayo kufakelwe izimali ezibuya emithomjeni eyehlukene 
  yezimali nezivela emalini etholwa ngentengiso eqoqwe yiPBS kazwelonke, 
  ukuxhaswa, iminikelo eqhamuka emaqenjini angewona kahulumeni, kanye nemali 
  yomnikelo kahulumeni oya kuPBS kazwelonke. 
   
